Levitikusi
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lokhu kuyikho ayale ngakho uJehova, ethi:
3
Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu, noma eyibulala ngaphandle kwekamu,
4
engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
5
Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.
6
Umpristi wofafaza ngegazi i-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.
7
Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’
8
“Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,
9
engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
10
“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.
11
Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.
12
Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”
13
“ ‘Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.
14
Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.”
15
“ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.
16
Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”