Jobe
1
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
2
Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
3
Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
4
U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.
5
Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6
U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7
Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’
8
Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9
Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.
10
“Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.
11
Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho.
12
Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13
Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’
14
Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15
“Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.
16
Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17
Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.
18
Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19
Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20
Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21
Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.
22
Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.