Isaya
1
Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani, inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako oselwandle.
2
Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. “Hlabelelani ngaso.
3
Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4
Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,
5
noma abambelele emandleni ami ukuba enze ukuthula nami, enzelane ukuthula nami.”
6
Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7
Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na? Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8
Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.
9
Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama-altare empepho.
10
Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize, nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona, libuthise khona, lidle, liqede amahlamvu awo.
11
Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12
Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.
13
Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.