Hezekeli
1
Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Mazisondele izijeziso zomuzi, kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.”
2
Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.
3
Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayenyukile ekherubini eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo.
4
UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”
5
Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,
6
nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.
7
Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.
8
Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”
9
Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’
10
Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”
11
Bheka, indoda eyembethe ilineni, inophondo lukayinki ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”
Print this page
Top | Next Chapter | | Index | | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]