Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

Hoseya

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2 Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3 Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4 Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5 “Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?
6 Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7 Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.
8 “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.
9 Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.
10 Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11 Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.
12 U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

Print this page

Top | Next Chapter |  | Index |  | Home


Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]