Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Igama lokukhuphuka. Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe
2 ukuthi wafunga kuJehova, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
3 “Angiyikungena etendeni lendlu yami; angiyikwenyukela embhedeni wami;
4 angiyikunika amehlo ami ubuthongo, nezinkophe zami ukozela
5 ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”
6 Bheka, sizwile ngakho e-Efratha, sakufumana ezweni laseJari.
7 “Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8 Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho, wena nomphongolo wamandla akho.
9 Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.”
10 Ngenxa yenceku yakho uDavide mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12 Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyakubafundisa bona, khona abantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13 Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.
15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17 “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18 Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]