Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
2 Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.
3 Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.
4 Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. 51:4 Rom. 3:4.
5 Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. 51:5 Gen. 8:21; Jobe 14:4; 25:4; Joh. 3:6.
6 Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
7 Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. 51:7 Lev. 14:4,6; Num. 19:18; Isaya 1:18.
8 Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
9 Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.
10 Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. 51:10 Hez. 11:19; 36:26.
11 Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.
12 Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. 51:12 Rom. 8:15.
13 Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.
14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. 51:14 2 Sam. 11:17.
15 Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
16 Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. 51:16 AmaH. 40:6; Hos. 6:6.
17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela. 51:17 Isaya 66:2.
18 Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.
19 Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]