Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKora. Ihubo. Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.
2 Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3 Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela
5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
6 Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
7 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela
9 Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
10 Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
11 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
12 Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]