Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 ElikaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?
2 Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.
3 Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba.
4 Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.
5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.
6 Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.
7 Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule.
8 Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”
9 Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.
11 Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.
12 Unganginikeli entandweni yezitha zami; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela.
13 Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!
14 Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]