Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni. Elika-Asafa. Ihubo. Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.
2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.
3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela
4 Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.
5 Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.
6 Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.
7 INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na?
8 Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
9 UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela
10 Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”
11 Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
12 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.
13 Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; amandla akho uwazisile ezizweni.
15 Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela
16 Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama.
17 Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.
18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.
19 Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.
20 Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]