Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Ihubo. Igama losuku lwesabatha. Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;
2 ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu elizwakala kamnandi.
4 Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.
5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6 Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.
7 Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8 Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9 Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, bheka, izitha zakho, ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10 Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11 Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
12 Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari eLebanoni.
13 Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.
14 Nasebudaleni bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,
15 ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]