Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Ihubo lika-Asafa. Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2 Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
3 Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.
4 Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo, namandla abo aqinile.
5 Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu.
6 Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.
7 Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.
8 Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakamemi.
9 Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
10 Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha; amanzi amaningi bazimuncela wona.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”
12 Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.
13 Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala,
14 ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.
15 Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16 Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,
17 ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18 Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.
19 Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.
20 Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21 Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,
22 ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe.
23 Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.
24 Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
25 Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
27 Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
28 Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]