Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.
2 Bongani uJehova ngehabhu; mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. 33:2 AmaH. 92:3.
3 Mhubeleni ihubo elisha, nibethe kahle ngenhlokomo.
4 Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. 33:4 Num. 23:19; 1 Sam. 15:29.
5 Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova. 33:5 AmaH. 119:64.
6 Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. 33:6 Gen. 1:2.
7 Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni. 33:7 Gen. 1:9; Jobe 38:8.
8 Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
9 Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona. 33:9 AmaH. 148:5.
10 UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu. 33:10 Jobe 5:12; IzA. 21:30.
11 Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane. 33:11 IzA. 19:21; Isaya 46:10.
12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. 33:12 AmaH. 144:15.
13 UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.
14 Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, 33:14 AmaH. 11:4.
15 yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. 33:15 IzA. 16:1,2,9; 21:1.
16 Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. 33:16 2 IziKr. 14:11.
17 Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. 33:17 AmaH. 147:10; IzA. 21:31.
18 Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,
19 ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. 33:19 Jobe 5:20; AmaH. 34:9; 37:19.
20 Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. 33:20 Dut. 33:29.
21 Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.
22 Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]