Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;
2 ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.
3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.
4 Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.
5 Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela
6 Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.
7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 59:7 AmaH. 55:21; 57:4.
8 Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 59:8 AmaH. 2:4.
9 Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 59:11 Gen. 4:12.
12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13 Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela
14 Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15 Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 59:15 Isaya 8:21.
16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17 Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]