Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. 34:1 AmaH. 146:2.
2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3 Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5 Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.
6 Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. 34:7 Gen. 32:1; 2 AmaKh. 6:17.
8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. 34:8 1 Pet. 2:3.
9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. 34:9 AmaH. 33:19; 37:19.
10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. 34:10 Luk. 1:53.
11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? 34:12 1 Pet. 3:10.
13 Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. 34:13 Ef. 4:29; 5:4; Kol. 4:6.
14 Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. 34:14 AmaH. 37:27; Rom. 12:18; Heb. 12:14.
15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. 34:15 2 IziKr. 16:9.
16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. 34:16 AmaH. 73:20.
17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. 34:17 AmaH. 145:18.
18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. 34:18 Isaya 57:15; 66:2; Luk. 18:13.
19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20 Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. 34:20 Eks. 12:46; Math. 10:30; Joh. 19:36.
21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]