Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.
2 Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.
3 Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.
4 Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.
5 Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.
6 Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa.
7 Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,
8 nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,
9 nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,
10 nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,
11 nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
12 nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana.
13 Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14 Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]