Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2 Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.
3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela
4 Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.
5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7 Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula
9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela
10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12 Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]