Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze; ubufakazi. Elika-Asafa. Ihubo. Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi; mawubonakale ngokukhazimula.
2 Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze ukusisindisa.
3 Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
4 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?
5 Wabapha isinkwa sezinyembezi, wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.
6 Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleka usulu.
7 Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
8 Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.
9 Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.
10 Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari kaNkulunkulu ngamagatsha awo.
11 Wenabisa amagatsha awo, aze afika elwandle, namaxhantela awo, aze afika emfuleni.
12 Uzidilizeleni izintango zawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?
13 Ingulube yasehlathini iyawudla, nezilwane zasendle ziyawuqothula.
14 Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone, unakekele lo mvini,
15 yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho, nendodana ozikhulisele yona.
16 Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.
17 Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho, phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;
18 khona asisayikuhoshekela emuva kuwe; siphilise, khona siyakukhuleka egameni lakho.
19 Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]