Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Ihubo lika-Asafa. Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.
2 Bazinikile izidumbu zezinceku zakho zibe ngukudla kwezinyoni zezulu, inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba.
3 Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo.
4 Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.
5 Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?
6 Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.
7 Ngokuba sebemdlile uJakobe, umuzi wakhe sebewuchithile.
8 Mawungasibaleli amacala akuqala; umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.
9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho; usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.
10 Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.
11 Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho; londoloza ngobukhulu bengalo yakho asebengabantwana bokufa.
12 Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.
13 Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]