Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
2 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.
3 Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.
4 Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.
5 Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.
6 Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.
7 Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?
8 Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
9 Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
10 nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.
11 Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,”
12 ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
13 Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.
14 Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.
15 Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
16 Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
17 Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.
18 Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
19 Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.
20 Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho.
21 Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na?
22 Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.
23 Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami,
24 ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]