Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Umnduze; ubufakazi. IMiktamu likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu Naharayimi nama-Aramu Soba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.
2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.
3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela. 60:3 AmaH. 75:8; Isaya 51:17,22; Jer. 25:15.
4 Abakwesabayo ubanike ibhanela ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela
5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. 60:5 AmaH. 108:6.
6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 60:7 Gen. 49:10.
8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.” 60:8 Num. 24:17; 2 Sam. 8:1,2,13,14.
9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 60:10 AmaH. 44:9.
11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 60:11 Jer. 17:5.
12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]