Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 ElikaDavide. Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami.
2 Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.
3 Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.
4 Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.
5 Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.
6 Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.
7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.
8 UJehova muhle, ulungile; ngalokho ufundisa izoni indlela.
9 Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
10 Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.
11 Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.
12 Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.
13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.
14 Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.
15 Amehlo ami akuye uJehova njalo, ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.
16 Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.
17 Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.
18 Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.
19 Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya.
20 Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe.
21 Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.
22 Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]