Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti. IMaskili likaHemani umEzra. Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
2 Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho, indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.
3 Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.
5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.
6 Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.
7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela
8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
9 Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe.
10 Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela
11 Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?
12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13 Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.
14 Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?
15 Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
16 Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17 Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye.
18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]