Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Umkhuleko kaDavide. Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
2 Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho; amehlo akho mawabheke okulungileyo.
3 Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.
4 Emisebenzini yabantu ngiyazilinda, ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.
5 Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.
6 Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe izwi lami.
7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.
8 Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9 kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10 Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11 Noma siyaphi, bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12 Unjengengonyama ehahela ukubamba, njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13 Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14 nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.
15 Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]