Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili likaDavide. Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.
2 Ngizwele, ungiphendule; ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula
3 ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele.
4 Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami; amavuso okufa angehlele. 55:4 AmaH. 18:4.
5 Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela; ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.
6 Besengithi: “Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba; ngabe ngindizela ekudeni, ngihlale khona.” 55:6 Jer. 9:2.
7 Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela
8 Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphepha emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.
9 Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo, ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini. 55:9 Gen. 11:9.
10 Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo; okubi nokushinga kuphakathi kwawo.
11 Ububi buphakathi kwawo; imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.
12 Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela;
13 kepha nguwe ntanga yami, mhlobo wami nomngane wami. 55:13 2 Sam. 16:23.
14 Sasihlalisana kamnandi; sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.
15 Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo. 55:15 Num. 16:23.
16 Mina ngizakukhala kuNkulunkulu; uJehova uzakungisindisa.
17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami. 55:17 Dan. 6:10.
18 Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami. 55:18 AmaH. 56:2.
19 UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade. Sela Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka, nabangamesabiyo uNkulunkulu.
20 Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye; udumazile isivumelwano sakhe.
21 Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo. 55:21 AmaH. 57:4; 59:7.
22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. 55:22 Math. 6:25; Luk. 12:22; 1 Pet. 5:7.
23 Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]