Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho. 31:1 AmaH. 25:2; 71:1.
2 Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.
3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. 31:3 AmaH. 23:3; IzA. 18:10.
4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami.
5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo. 31:5 Luk. 23:46; IzE. 7:59.
6 Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.
7 Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; 31:7 AmaH. 9:2.
8 awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9 Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi, nomphefumulo wami nomzimba wami. 31:9 AmaH. 6:7.
10 Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. 31:10 AmaH. 40:12; 102:3.
11 Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela.
12 Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo.
13 Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. 31:13 Jer. 20:10.
14 Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”
15 Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. 31:15 AmaH. 139:16.
16 Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho. 31:16 Num. 6:25; AmaH. 80:3.
17 Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ngiyakubiza; mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo.
18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.
19 Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.
20 Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho ngenxa yezigungu zabantu; ubalondoloza edokodweni ekuxabaneni kwezilimi. 31:20 AmaH. 27:5; Jer. 36:26.
21 Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini oqinileyo. 31:21 AmaH. 144:1.
22 Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.
23 Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.
24 Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]