Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele. 48:1 AmaH. 76:1.
2 Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. 48:2 Math. 5:35.
3 UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. 48:3 AmaH. 46:5.
4 Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. 48:4 2 IziKr. 20:1.
5 Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka.
6 Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.
7 Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi. 48:7 Isaya 33:23.
8 Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela
9 Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho.
10 Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.
11 Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.
12 Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo.
13 Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.
14 Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]