Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni. Ihubo likaDavide. Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.” 39:1 AmaH. 17:3.
2 Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami. 39:2 AmaH. 38:13,17.
3 Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami. 39:3 AmaH. 119:53.
4 “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. 39:4 AmaH. 90:12.
5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela 39:5 AmaH. 90:5.
6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha. 39:6 Jobe 8:9; Shum. 2:18,21; 5:13,15.
7 “Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.
8 Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula.
9 Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo. 39:9 AmaH. 38:13.
10 Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.
11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela 39:11 AmaH. 6:7.
12 “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. 39:12 Gen. 47:9; Lev. 25:23; 1 IziKr. 29:15; Heb. 11:13; 1 Pet. 2:11.
13 Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]