Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi. 97:1 Isaya 60:9; Zak. 9:9.
2 Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. 97:2 Eks. 19:16.
3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. 97:3 IsAmb. 4:5.
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.
5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. 97:5 Mika 1:4.
6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. 97:6 AmaH. 8:1.
7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu. 97:7 Eks. 20:3; Isaya 42:17; Heb. 1:6.
8 ISiyoni liyezwa, liyajabula; ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. 97:8 Isaya 12:6.
9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. 97:9 AmaH. 83:18.
10 Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. 97:10 Am. 5:14; Joh. 10:28; Rom. 12:9.
11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. 97:11 AmaH. 112:4.
12 Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]