Home |  | Audio |  | Index |  | Verses

AmaHubo

Chapter: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150

1 ElikaSolomoni. Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho.
2 Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.
3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga.
4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.
5 Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.
6 Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.
7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.
8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli.
10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.
11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.
12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.
13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.
14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.
15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba, bayithandazele njalo, bayibusise lonke usuku.
16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.
17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.
18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.
19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.

Top |  | Next Chapter |  | Index |  | Home
Full online version here [with search engine, multilingual display and audio Bible]