AmaHubo
1
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu, ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati. Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
2
Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
56:2 AmaH. 3:1.
3
Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.
4
KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?
56:4 2 IziKr. 32:8; Jer. 17:5; Heb. 13:6.
5
Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6
Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7
Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.
56:7 AmaH. 59:5,13.
8
Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?
56:8 Mal. 3:16.
9
Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10
KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11
Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
56:11 AmaH. 118:6.
12
Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
56:12 AmaH. 66:12.
13
Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.